Sunday, May 11, 2008

Ngakubona Ngakubeletha

Lolu thando
Ungitshele ukuthi uyang’thanda
Kodwa uyazi ngingum’thaka
Wang’tshela nokuthi uyithatha
Amthemba ami asethukile Ngawe.
Nami angisazizwa kahle
Ang’saqondi kwanzakalani

Ngithe ngibheka
Bese ngisemathandweni
Usungifake ntshi ngavela ngekhanda
Mina ngiyayisaba lento
Obaba bashiya amakhaya
Omama balndel’ obaba
Obaba Bashiya nemizi
Baya kohlal’ emikhukhwini
Hhey ayikho lento
Washo uM’Cele
Kwayakhe imibhalo
Wathi ayikho lento

Lolu thando
Lolu thando
Lenkanuko inhle imna……
Hawu Ngakhumbula
Lolu thando akusilo uthando
Loluthando luyinkanuko
Ushiywe uJoe ngezizathu ezithile
Uyabuya uzothi kye umithile
Uytabona uzitshela ukuthi ulay’thile
Wam’bhekisela phansi esenesineke
Nawe ubesemathandweni okokuqala
Kuwe bekuw’ N2 ungenasikhathi sokudlala
Wamphula inhliziyo wafisa ukukhala
Impintshi zakhe umazihamba uyasala
Bethembele kuwe okohlanya
Thina zimpintshi zakhe singomzala
Akukho zinyane lengwenya
Ladliwa yimvubu maqede kucwebe isiziba.
Sohlangan’eskhaleni kwaNtombela
Koqhuma anhlavana ezinye zofekela
Ang’zwani nonondindwa ozos’phatha

Lolu thando
Lolu thando
Llu thando belunjengoju lwezinyosi
Manje lunjengenhlaba
Lunjenge mvunge yezinyosi
Manje lunjengokuqhuma
Kwesibhamu ezindlebeni zam’
Lunjengokuhlabelela kwazinyoni
Manje lunjengokuduma kweZulu
Lunjengokuhaya kwezimbongi zothando
Manje linjengokuhhema
Kwezidakwa zotshwala
Lolu thando
Lolu thando belunjengamkha ekhethelo
Kundiza izinyo namavemvane ayimibalabala
Manje luxosha impukane kusale izibungu
Lunjengothingo lwenkosazana emvakwezimvula
Manje linjengokuqala kuka zamcolo
Lolu thando
Lolu thando kukhaliwe ngalo
Bachiphiza izinyembezi Zenjabulo
Nami ngenza.
Batshekedulisa okwamathole
Balilizela njengokungena komthimba
Mina Ngafunda kwezami, okungapheli kuyahlola
Ngabe sengidlulile Ku N2
Angabe ngisabhekwa
Nami angabe ngisabheka emuva
Izintaba azihlangani
Abantu bayahlangana
Abake abonana baphinde babonane
Thando injabulo yakho eyesikhashana
Nxa unenkanuko
Ngakubona Ngakubeletha

No comments: